
UThembinkosi Lorch uphule izinhliziyo zeqembu le Maritzburg United emdlalweni we Nedbank Cup last 16 ngesikhathi eshaya amagoli amabili anqobise iqembu le Mamelodi Sundowns FC. UThembinkosi Lorch usanda kusayina ku Mamelodi Sundowns FC usevalele amagoli amane kuze kube manje.
ULorch usekhombisile ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu ebholeni lase Ningizimu Africa njengoba ufike eqenjini le Mamelodi Sundowns FC elinabadlali abaningi abanamagama amakhulu, wafika wangena wathi khaxa kubona.
Kumanje mangabe elitholile ithuba uvuka namagoli nokusho ukuthi lukhulu luyeza kuyena. lokudlala kahle kwakhe kuzombuyisela eqenjini lesizwe Bafana Bafana. Ngaphambilini ubehlushwa ukuhaqwa yizinkinga ku Orlando Pirates njengoba wagcina ngokuthi ayishiye.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
