UJomo Sono ukholwa ukuthi Sundowns FC ingathenga abadlali ku English Championship

UJomo Sono ukholwa ukuthi iqembu le Mamelodi Sundowns FC lizothenga abadlali abanohlonzo emaqenjini ase England ku English Championship ngoba leliqembu linemali eningi kakhulu ebholeni lase Africa njongoba selifaniswa no Benfica, Ajax Amsterdam, Porto.

UBra J ubabaza imali engatholwa yiMamelodi Sundowns FC mangabe inganqoba iCaf Champions League. Mangabe ifake unyawo layo emaqenjini azodlala iFiFa Club World Cup lizohlomula ngo 1 Billion. IMamelodi Sundowns FC yilona qembu elidlala ku CAf Champions League njalo, njengoba Kulamasizini ayishumi lihlala likhona ukumela INingizimu Africa.

Iqembu le Sundowns FC kulihambela kahle kakhulu konke njengoba lisayina abadlali abanohlonzo abaqhamuka emazweni ase South America, afana no Brazil, Argentina, Colombia, Venezuela.

Abadlali beqembu le Mamelodi Sundowns FC badlala ngokukhulu ukuzimisela enkundleni njengoba bayazi ukuthi bayahola kahle.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.