
UDr Irvin Khoza ongusihlalo we Premier Soccer League ne Orlando Pirates usecabanga ukushiya kulesikhundla asehlale kusona iminyaka engu 21. UKhoza ukhala ngabaxhasi abanganeme ngezinga lebhola lase Ningizimu Africa njengoba amaqembu ehlise kakhulu izinga lokudlala, nokungathenjwa kwamaqembu amancane angabaholeli abadlali namacala ahaqe amaqembu adlala ku Dstv Premiership League.
Leligi bekuyona ebihamba phambili ezwenikazi lase Africa njengoba abadlali abanohlonzo kade beqala kuyona mangabe befuna ukuyodlala phesheya kwezilwandle. UKhoza ulithuthukisile kakhulu ibhola lase Ningizimu Africa njengoba abantu abaningi emhlabeni jikelele bayazi ngebhola lase Ningizimu Africa.
Njengoba namaqembu amakhulu emhlabeni bevakashela eNingizimu Africa afana no Manchester United, Arsenal, Liverpool, Barcelona. Kodwa namuhla abadlali abanohlonzo bayayibalekela Dstv Premiership League njengoba isinezinga eliphansi kakhulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
