Abaholi abadala ku ANC KwaZulu-Natal bakhala ngo Bheki Mtolo

UBheki Mtolo ongunobhala weqembu le ANC KwaZulu-Natal usezakhele isigcwagcwa kubaholi beqembu le ANC abadala. Ngokuthola ngomthombo osondelene nabaholi abafana no Sbusiso Ndebele, Dr Zweli Mkhize, Dr Sbongiseni Dlomo noBheki Cele, kuthiwa labaholi bakhala ngokungahloniphi abaholi abadala nabakhona eqenjini njengoba engaziphathi kahle nasemphakathini ngokuthi ukhuluma engathi udakiwe izinto ezingehli kahle kubantu nabalandeli beqembu le ANC ekubeni leliqembu liyagxugela njengoba libhekene noxhaxha lezinkinga.

Baphinde labaholi bamkhala ngokuthi akanabo ubuholi nobuhlakani kodwa unobunkomo njengoba engumuntu ohlambalazayo kubantu akanayo inhlonipho kodwa ungumholi onjani lowo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.