
UMeya wase Ndumeni uSiyabonga Ndlovu ugqugquzelwa abasubathi base Ndumeni ukuthi bangenele umjaho omkhulu iPrince Mangosuthu Marathon ngoba lokho kuzobasiza kakhulu ukuthi bahlomule kulomjaho nokuthuthukisa kakhulu ezokusubatha emazingeni aphansi.
UNdlovu ubenguthisha omkhulu khona eDundee unolwazi olunzulu ngezemidlalo ezahlukene. “Ngifuna ukubona abasubathi abazonqoba lemijaho emkhulu emhlabeni efana no Two Oceans Marathon, Cape Town Sunlam Marathon, Comrades Marathon, New York Marathon, Berlin Marathon, Valencia Marathon.
Indawo yase Ndumeni yinhle kakhulu ekuziqeqesheni njengoba inamathafa nezintaba nomoya wakhona uhlanzekile.” kunanela uNdlovu. “Nginxusa abaphathi amakilabhu akhona eNdumeni ukuthi bakhuphule amasokisi njalo emjahweni.” ephetha
IPrince Mangosuthu Marathon izoba ngomhlaka 5 May izoba yenyuka njengoba ne Comrades Marathon yona ezonyuka ibheke eMgungundlovu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
