Kungani ibhantshi lagcwala umoya kumkhulumeli weNdlunkulu kaZulu, u-Afrika

Omothombo isiputshuzele IBUNDA IZINDABA izizathu zangempela eziholele ekutheni kube nokungaboni ngasolinye phakathi kweSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini nowayengumkhulumeli womndeni wakhe owaxoshwa, uMntwana uAfrika Zulu.

Isikhundla sokukhulumela iNdlunkulu kaZulu sanikezwa iMeya yesiFunda saseZululand uDkt Thulasizwe Buthelezi osephindeke kabili njengoSihlalo weNgonyama Trust. Esanda kuxoshwa kulesi sikhundla ezinyangeni ezimbili ezedlule, u-Afrika ubize isithangami sabezindaba lapho ekhulume kabi ngoButhelezi embiza ngesigebengu esaziwayo futhi ungumuntu wangaphandle obengakufanele ukuqokwa ezikhundleni ezifuze lezi.

Kwavela izindaba ezithi u-Afrika waxoshwa esikhundleni emuva kokuthi evakashele e-United States of America (USA) wazenza iSilo samaZulu ngesikhathi ezama ukuqoqa imali. Kuthiwa u-Afrika nabebemmele bazama ukuheha osomabhizinisi base-USA ukuthi bafake imali kwiNgonyama Trust ngasekupheleni konyaka odlule.

UMisuzulu kwamcasukela kakhulu lokhu okwenziwa u-Afrika ngokuhambela phesheya ezenza yena, yingakho uMisuzulu wakubeka kwacaca ukuthi akumele nangesikhathi esizayo azame ukuba ngusihlalo noma akhulumele iNdlunkulu kaZulu,” kusho umthombo.

Omunye umthombo utshele usibikele ukuthi uMisuzulu useyalele bonke abantu abasondelene naye ukuthi bavale ukuxhumana konke ukuxhumana no-Afrika.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.