
USihlalo weqembu le ANC KwaZulu-Natal uSiboniso Duma usexoshiwe yiSilo uMisuzulu kuyoyonke imicimbi ethinta iNdlunkulu kaZulu kulandela ubuwengu bakhe bokuphuca umuntu omdala ongundunankulu kaZulu uThulasizwe Buthelezi umbhombho ekhuluma ngokuthula iSilo.
Wasukuma ngobudlobongela waphuca uNdunankulu wesizwe saMaZulu umbhombho engumuntu kazana. UDuma uhlinzele ezibini iqembu le ANC kubavoti njengoba vele akulihambeli kahle njengoba abantu abasalithembi ngalutho njengoba selihlulekile ukuhlinzeka abantu ngentuthuko.
Kumanje edolobheni lase eThekwini abantu bakhona abanawo amanzi nogesi ngoba umkhandlu wase eThekwini uhlulwa ukuqeda isiteleka sabasebenzi bakamasipala abayimgulukudu abacisha ugesi namanzi. Idolobha lase eThekwini linezigodi godi emgwaqeni ngaphakathi edolobheni. kutaxuka indle nomchamo onukayo. Lelidolobha seliphelelwe yisithunzi njengoba selibalekelwe ngabavakashi abaningi ngenxa yokungcola.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
