
Ugila izimanga bholeni likanobhutshuzwayo intokazi esencane yaseMpangeni. USimphiwe Mdletshe odabuka eMpangeni esigodini sase Dondotha lapho kuzalwa khona uSiyabonga Sangweni owayengukaputeni we Orlando Pirates, uthi akukho okudlula ukuzimisela entweni oyithandayo.
Lentokazi yaseMdletsheni esencane ithi ikusasa ililangazele ngoba izibona igijimela iqembu lesizwe eminyakeni emingaki ezayo. Lentokazi yakwa Mdletshe yintombazane esencane eneminyaka engu 17 yobudala kodwa ugila izimanga ebholeni likanobhutshuzwayo ngoba kumanje ubangwa ngamaqembu amaningi ngenxa yekhono lakhe lokuhlohla amagoli.
Kumanje usehlohle amagoli angu 19 emdlalweni engu 11 eqenjini lakhe lase Nseleni. Lentokazi esencane ihehe amaqembu amakhulu adlala ku Hollywood Women Super League. waphinde wamangaza abantu abaningi abasha endaweni yasemakhaya eDondotha njengoba ithi ifuna ukuhamba ezinyathelweni zeqhawe layo uSiyabonga Ntsimbi Sangweni obebagqugquzela nozakwabo.
“Ngifuna ukumela izwe ngelinye ilanga abadlali be Banyana Banyana abafana no Thembi Kgahlana bangifakele umdlandla wokuqhubeka nebhola. Ibhola ngiliqale ngisemncane kakhulu njengoba kade kunemidlalo ka Siyabonga Sangweni Tournament.” kuqhuba lentokazi.
“Bengizidlalela ngoba bengisemncane kodwa ngibuye ngikhohlwe ukuyodlala ngoba bengibuye ngenze umsebenzi wasekhaya kodwa ngenhlanhla uBaba uNkosencwele Mdletshe uyalithanda ibhola ungeseke kakhulu namanje noMama.Bahlale bengigqugquzela ukuthi ngidlalele amaqembu amakhulu ebholeni elikhokhelwayo.” kuphetha lentokazi eseke yamela isifundazwe saKwaZulu Natal.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
