Uzovela enkantolo ngecala lesibhamu esingekho emthethweni

Umkhankaso wamaphoyisa angaphansi komkhandlu wase Mzinyathi uhambe kahle kakhulu. Njengoba ebambe umsolwa oneminyaka elinganiselwa ku 50 nesibhamu esinezinhlamvu okungekho emthethweni. Njengoba amaphoyisa ase Mzinyathi KwaZulu-Natal yiwona ashaya umsebenzi oseqophelweni eliphezulu kakhulu eNingizimu Africa.

Avundulule lenswelaboya yemamba endala ehlala ehlathini elimnyama iphethe isibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni. zatheleka ezakwadalawana zafika zayibamba kwathula ozankosi bathi khaxa.

Lenswelaboya endala isolakala ekubulaweni komuntu otholakale edolobheni lase Dundee ebulewe lesibhamu siyasolakala nesibulale umuntu emgwaqeni Boundary Street. Kulindeleke ukuthi namuhla abingelele inkantolo kanti lelithimba lika dalawana le Task Team lisebenza alilali nhlobo lenza umsebenzi omuhle okubopha imgulukudu ehlasele KwaZulu-Natal.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.