
UGift Motupa owazakhela igama ku Baroka FC, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns FC, usengumlimi osafufusayo njengoba enebhizinisi lezinkukhu.
UMotupa usanda kuphelelwa ngumsebenzi kuMamelodi Sundowns FC. kuze kubemanje umsebenzi akawutholi njengoba ne Super Sports United kade imthembisa njengoba ubejima nayo kodwa yamqathula. Uzokhumbuleka kakhulu uMotupa ku Orlando Pirates lapho efike waqhama kakhulu njengoba engumdlali onamandla okwazi ukuthwala abadlali basemuva.
Ufike kuMamelodi Sundowns FC elandwa ngu Pitso Mosimane kodwa wahamba Mosimane wasala nabaqeqeshi abakhona kumanje oRhulani Mokeana no Manqoba Mgqithi nabangamdlalisanga wagcina ngokudla ama ice ebhentshini. Kumanje umatasa nokuqhuba ibhizinisi lakhe lezinkukhu njengoba kukhona azifuyile zamaqanda nezenyama.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.


