
USanele Mdletshe yintombazane esencane eneminyaka engu 16 engumdlali we Rugby uzalelwe eMpangeni esigodini sase Dondotha. Usethathe ixhathu elinzima kakhulu njengoba ehambe ibanga elide kakhulu ku Rugby. USanele usanda kumelela isifundazwe saKwaZulu Natal emdlalweni we Varsity Cup eGauteng.
Ufike wadonsa amehlo abaqeqeshi abaningi njengoba bebona ikhono analo. Kumanje kunamaqembu amaningi amfunayo okubalwa ku Lions ne Bue Bulls ngawase Gauteng, Cheatahs yase Bloemfontein kanye neStormers sase Western Cape.
Uqale ukudlala iRugby esencane njengoba ekhula nayo kanti ubonge abazali bakhe bobabili, ubaba wakhe uSiya Mdletshe ohlala njalo emkhuthaza ukuthi akaqhubeke ukudlala i Rugby. Khona manjalo uSanele unesifiso sokudlalela iqembu lama Sharks ngoba kuseduze nasekhaya.
Kodwa uthi angathokoza ukuthi agcine ngidlale esigabeni somhlaba ngiphinde adlalele iqembu lesizwe. Ulandela Simphiwe usisi wakhe omdala ozalwa ngubaba wakhe ophakathi nendawo uNkosencwele Mdletshe.
USimphiwe Mdletshe yena udlala ibhola lezinyawo kanti ungumdlali ohamba phambili KwaZulu-Natal. uSiya ubonga umdali ngabantwana abadlala ezemidlalo ngoba bayagwemeka ezidakamizweni nokuzala abantwana besebancane.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
