
I SAFA KwaZulu-Natal eholwa ngu Kwenzakwakhe Ngwenya yethule abaxhasi abasha esithangamini sabezindaba eRoyal Hotel eThekwini. Labaxhasi abasha inkampani yezobunjiniyela ZLM Project Cup, eholwa ngu Dr Thabani Gumede. Loluxhaso luthakaselwe kakhulu kwazise kusukelan ngo 2004 iSAFA KwaZulu-Natal beyingasenabo abaxhasi .
Ukuthola abaxhasi kumjabulise kakhulu uKwenzakwakhe Ngwenya ongumengameli we SAFA KwaZulu-Natal nophinde wahlaba ikhwelo nakwezinye izinkampani ukuthi zingene ebholeni. Enaba kabanzi ngalendebe ye ZLM Project Cup uthi Ngwenya kuba negebe elide ngaphambi kokuthi kuqale lemidlalo yohlunga.
Leligebe lidalwa ukushesha kokuphela kwemidlalo ye ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. “Ngicabanga ukuthi kuzoba nomehluko omkhulu njengoba iqembu elizodlala emdlalweni wokuhlungela kazwelonke yama ABC Motsepe League play off lizofika liqatha kakhulu ngoba lizodlala imidlalo emqoka kakhulu.” kusho uNgwenya.
Iqembu elizodla umhlanganiso lizohamba nesizumbulu semali engu R 100000, oyolala isibili uzohamba nemali engu R 50000, isithathu sihambe no R20000 , isine ngu R10000, umshayi magoli ovelele uzohamba nemali engu R2000, unozinti ovelele yena uzohamba nemali engu R2000, umqeqeshi ovelele uzohamba nemali engu R2000, umdlali omncane ovelele uzohamba nemali engu R1000, nomlandeli ozimiselayo enkundleni yena uzohamba no R1000 kanti lemidlalo izoqala ngeviki elizayo ezinkundleni ezahlukene eThekwini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
