
IHarry Gwala Marathon izothulwa ngokusemthethweni ngomhlaka ka 14 March, kanti kulindeleke ukuthi kube nezinguquko ezinqala kulomjaho njengoba kuleminyaka edlule ulahlekelwe ngabaxhasi abaningi okubalwa abaxhasi bezimonto ebeziwinwa ngabasubathi abanqobe lomjaho ukubuyiswa kwamaxhusa alomjaho, afana noBongumusa Mthembu, Will Mtolo kanye noThobani Chakwe,
Khona manjalo kulindeleke ukuthi kubonakale abasubathi abanohlonzo abaqhamuka kulelizwe nabase Lesotho. Lomjaho ungomunye wemijaho osemthethweni ukuhlungela iComrades Marathon ne Two Oceans Marathon.
Lomjaho usuvundulule abasubathi abaningi abanohlonzo KwaZulu-Natal abafana no Thobani Chakwe okewawunqoba, Ndumiso Sokhela owunqobile, Ayanda Ngcobo owunqobile no Jenet Mbhele. Ngokujwayelekile lomjaho usendaweni enhle kakhulu njengoba indawo yase Harry Gwala ihlanzekile kubantu ngokwemvelo abasubathi bajabula kakhulu ngalomjaho.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
