
Ukukhala komphakathi njengoba abantu baseNingizimu Afrika besaqhubeka nokuhlukunyezwa abokufika, okubalwa kubo nabase-Ethiopia. Usomabhizinisi okhungathekile ungene ezinkundleni zokuxhumana ecobelelana ngolwazi nabase-Ethiopia ngemuva kokuthi ebambisene nabangani bakhe bavula izitolo ezimbalwa kanye nespaza shop eTembisa.
“Mina nomngani wami sivule ispaza shop, ushisanyama kanye necar-wash lapha eTembisa, ngeviki kuthe namuhla kwafika amadoda amathathu ase-Ethiopians beze bezositshela ukuthi singazigcina lezi ezimbili kodwa iSpaza ngezabo, ngakho kumele siyivale noma sizobhekana nabo.” kubhala losomabhizinisi..
Lokhu kubathukuthelise kakhulu abantu baseNingizimu Afrika, abanye basola osopolitiki ngokuhluleka kwabo ukwenza isiqiniseko sokuthi amalungelo abantu baseNingizimu Afrika avikelekile. Yize abanye bephakamise ukuthi icala libikwe emaphoyiseni. Kuphinde kwasolwa ukuthi abanikazi bezipaza zabokufika baqasha abantu bakuleli ukuthi babambe inkunzi izipaza eziphethwe ngabantu baseNingizimu Afrika ukuze babaphoqe ukuthi bavale noma babulawe.
Lezi zinsolo ziza ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kubulawe uSihlalo weRatanda Mazibuye Kazi Spaza Shops Business Forum, uHappy Nyawuza, edutshulwa wabulawa emgwaqeni uHeidelberg. Lesi sigameko senzeke emasontweni ambalwa ngemuva kokuthi uMandla Moqoqo, unobhala wesigungu, kanye noMoeketsi Mollo, ongumnikazi we-tuck-shop ebulewe abanikazi besitolo sespaza bokufika.
I-Ratanda Mazibuya Kazi Spaza Shops, Business Forum iyinhlangano entsha efuna ukuletha zonke izitolo zezipaza eziphethwe endaweni ngaphansi kwesambulela esisodwa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
