UMazwi Mkhize ufuna kuxoshwe abaqeqeshi bangaphandle

UMazwi Mkhize ongumengameli we SAFA eThekwini unxenxa Dany Jordan ongumengameli we SAFA kuleli kanye no Dr Irvin Khoza ongusihlalo we Orlando Pirates ne Premier Soccer league ukuthi bashaye umthetho wokuthi bangaqashwa abaqeqeshi bangaphandle kwe-Africa.

UMkhize ukhale ngokuthi kumele kuthuthukiswe abaqeqeshi ngendlela edingwa yiCAF, “mina ngibona ukuthi abaqeqeshi bakuleli kuzomele bafundele lezigqu zokuqeqesha ezidingwa yi CAf ukuze mangabe sibaxosha sibe sihlomile ngalezigqu ze CAf. Ngicabanga ukuthi kuhlale obala ngomsebenzi wabadlali be Mamelodi Sundowns FC ukuthi baqeqeshwa ngabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu kakhulu oRhulani Mokeana no Manqoba Mgqithi.

Ngibona ukuthi kumele sibathulele isigqoko labaqeqeshi be Mamelodi Sundowns FC ngomsebenzi abawenzela iqembu le Bafana Bafana. Manje mangabe sikhuluma singancethezi ngabaqeqeshi bangaphandle abanandawo ku Dstv Premiership ne SAFA.” kusho uMkhize

Uphinde wakhala ngokuthi kumele uDany Jordan aqashe umqeqeshi wakuleli ahole iBafana Bafana emdlalweni wokuhlungela indebe yomhlaba. “Ngibona ukuthi uRhulani Mokeana usengayihola iBafana Bafana ngaphandle kwamathandabuzo.” kuqhuba uMkhize owaziwayo ukuthi akashayi eceleni futhi akancethezi nhlobo ngoba amaqiniso uwahlanza obala.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.