
USihlalo we Xcel Running Club uSbusiso Magaye Cele uveza ukuthi ufuna igolide kubafana be Xcel Running Club njengoba ngonyaka odlule uJenet Mbhele ubuye negolide ku Comrades Marathon. UMagaye ukholwa ukuthi khona amagolide azowathola ku Two Oceans Marathon ne Comrades Marathon.
Kubasubathi azogadla ngabo ku Two Oceans Marathon ne Comrades Marathon kukhona Ayanda Mafikaphathe Ngcobo, Lungelo Khumalo, Mholi Jali, Ayanda Mncube kanye noJenet Mbhele. Labasubathi bakhombisa ukuvuthwa kakhulu kusukela emabangeni amafishane.
Iqembu le Xcel Running Club likhula mihla namalanga njengoba ihamba phambili KwaZulu-Natal ekunqobeni izindodo emjahweni emningi. uJenet Mbhele uvule unyaka ka 2024 ngokunqoba Joseph Shabalala Marathon waphinde wangena endaweni yesibili ku Best of the Best Marathon. U-Ayanda Mncube usanda kunqoba iCapital Marathon 42 Km kanti uMholi Jali ungene endaweni yesibili ku Best of the Best Marathon.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
