
Iqembu labasubathi selihlabane negolide kuNhloso Ndlovu wase Msinga KwaMajozi, osesayiniswe yileliqembu. UNhloso uzitholelele amadlelo aluhlaza ngemuva kukuvundululwa nguMthandeni Kunene eMsinga ngesikhathi embona emjahweni wezikole kanti waphinde waveza ikhono lakhe ku Cross Country lapho agila khona izimanga.
Kumanje uNhloso usephokophele phambili ngokusubatha njengoba esejoyine ikilabhu yodumo labanqobi, iXcel Running Club. Ufuna ukufunda lukhulu ku Ayanda Ngcobo wakhona KwaMajozi eMsinga, njengoba u-Ayanda Ngcobo usemkantsu ubomvu kwezokusubatha eNingizimu Africa nasemhlabeni njengoba engumpetha we Harry Gwala Marathon 42 Km no 21 km.
Labasubathi base eMsinga kulindeleke ukuthi baqophe umlando omusha ekusubatheni njengoba uMafikaphathe Ngcobo usewushiyile umaki. Khona manjalo u-Ayanda Ngcobo uzomela iXcel Running Club ku Comrades Marathon ne Two Oceans Marathon kanti kumanje uqalile ukuzilungiselela iTwo Oceans Marathon ne Comrades Marathon.
“Ukwanda kwabasubathi base eMsinga ku Xcel Running Club kukhomba khona ukuthi ikhono likhulu eMsinga” kusho uMandla Mngomezulu oyimenenja ye Xcel Running Club. “Abantu abasabheka umsinga ngamehlo akudala bazoba nenkinga bodwa njengoba thina siyahlomula kakhulu kubasubathi ngoba benqoba imijaho emkhulu.” kuphetha uMngomezulu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
