
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhama Billiat ubekhonjwa ku Dynamos kodwa bahluleka ukumnika lokhu akufunayo etafuleni. Khona manjalo uKhama Billiat usesayine neqembu le Yada Stars FC, leliqembu elidlala ku Castle Premiership League.
Ngokuthola ngomthombo osondelene nalomdlali ubona kuzoba yisitebhisi sokudlala eSoudi Arabia. Kumanje lomdlali usethelekile eZimbabwe lapho ezohlangana khona nabaqhashi bakhe.
Lomdlali ubonakale eRobert Mugabe Airport lapho etheleke khona, kuzokhumbuleka ukuthi Billiat unomuzi eNingizimu Africa. UKhama Billiat wazakhela igama ku Ajax Cape Town, Mamelodi Sundowns FC, Kaizer Chiefs.
UBilliat ungomunye wabadlali abanohlonzo base Zimbabwe abafana no Peter Ndlovu, Tinashe Nengomashe, William, Wilfred Mgugeyi, Ian Gorowa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
