
UNkululeko Buthelezi ongumqeqeshi we Milfod FC edlala ku Motsepe Foundation League, uphawulile ngomdlalo wabo neqembu le Kaizer Chiefs ozoba e-FNB Stadium ngomgqibelo ntambama. UButhelezi utshele abezindaba ukuthi engakujabulela ukunqoba iKaizer Chiefs ngoba kuzomenzela igama lakhe laziwe ngabantu abaningi ebholeni. “Nawe uyazi ukuthi mangabe unqobe iKaizer Chiefs uba yiqhawe kubantu bebhola. ngoba usuke ushaye iqembu elikhulu ebholeni lakuleli.” kusho lomqeqeshi.
Khona manjalo uNkululeko Buthelezi ubuye waveza ukuthi abadlali bawulambele kakhulu lomdlalo. Umangabe ewunqobile lomdlalo uButhelezi uzolandela abaqeqeshi bamaqembu amancane abazakhela igama nodumo nge Kaizer Chiefs abafana noSello Chakoe kuBaroka FC , Simo Dladla ku Richard Bay FC. UDan Malesela wayinqoba kowamanqamu kuwona lomqudelwano we Nedbank Cup eMoses Mabhida Stadium ngesikhathi eqeqesha iqembu le TS Galaxy. Leliqembu le TS Galaxy lalidlala esigabeni se Motsepe Foundation League namuhla kanti nanamuhla yilona kuphela iqembu elanqoba Nedbank Cup lishaya leliqembu le Kaizer Chiefs.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
