Uzomela iXcel Running Club ku Comrades Marathon owaseMsinga

U-Ayanda Ngcobo uzomela iXcel Running Club ku Comrades Marathon ngo June kanti lomsubathi wase eMsinga uzoba eqala ukusubatha kuComrades Marathon ngokusemthethweni.

Kulindeleke ukuthi ajike izinto ngenxa yomdlandla anawo ngoba esubathela iXcel Running Club eThekwini. Lentokazi yakwaNgcobo, izobanga ukushaya intambo nabasubathi abafana no Morena Tete Tijani, Edward Slender Mothibi, Daniel Matshailwe, Joseph Manyeni, Onalenna Khonkhobe, Bongumusa Mthembu, Nkosikhona Mohlakwana, Gift Kelehe kanye noDavid Gatebe,

Lesihlabani saseMsinga sibhekwe ngamehlo abomvu njengoba ngesizini edlule sabathatha ngeshasha sabashiya ePine Town maqede waphuma emjahweni. Unmqeqeshi wakhe, uSibusiso Cele ukusho kugcwale umlomo ukuthi lomsubathi uzogila izimanga emjahweni emkhulu.

Njengoba kudala bempheka ngendlela esezingeni eliphezulu kakhulu ngoba u-Ayanda Ngcobo engomunye wabasubathi abangamathemba eNingizimu Africa nesifundazwe saKwaZulu Natal, njengoba use wayimela iNingizimu Africa.

Lomsubathi ungumpetha we Harry Gwala Marathon 42 km ne Harry Gwala Marathon 21 km kanti Izakhamuzi zase eMsinga ziyaziqhenya ngaye ngoba uyisibonelo esihle eMsinga namaphethelo kubantu abasha.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.