
Kulindeleke ukuthi ijike izinto ku-Xcel Running Club eholwa ngu Sbusiso Cele no Mandla Mngomezulu. I-Xcel Running Club yiqembu elenza kahle emjahweni emningi njengoba lihlale likhona kubasubathi abayishumi abanqobayo. Ngonyaka odlule liqophe umlando omusha ngo uJanet Mbhele ongene endaweni yeshumi ku Comrades Marathon.
UJenet Mbele ubeqala empilweni yakhe ukugijima ku-Comrades Marathon, kodwa uhambe wabuya nendondo yegolide le-Comrades Marathon, njengoba ephethe nesicoco se ASA Marathon.
Ngapha uTebello Ramakongoana, ujika njenge-Springboks ngoba kusukela iqaliwe lekilabhu usenqobe imijaho eminingi efana noDurban International Marathon, lapho athole unombolo 4, wabeka ilekhodi elisha lase Lesotho. URamakongoana, wangena endaweni yesibili ku Nelson Mandela Bay Half Marathon, Cape Town Salman Marathon lapho uthathe unombolo 3.
Lekilabhu kulindeleke ukuthi Ayanda Mafikaphathe Ngcobo acele inselelo entsha ku Comrades Marathon, njengoba ngesizini edlule wakwazi ukuqeda uhhafu, ehamba phambili ku Comrades Marathon. Lensizwa yase eMsinga kwa Majozi, eMafikaphathe, ingumpetha we Harry Gwala Marathon 42 km ne Harry Gwala Marathon 21.
Ama Springboks of the Coast azohadula kuPrince Mangosuthu Marathon, Harry Gwala Marathon, Mandela Marathon, Two Oceans Marathon, Comrade Marathon, Capital City Marathon, Soweto Marathon kanye ne-Best of the Best Marathon.
Lekilabhu iyakhonya njengamanje KwaZulu-Natal, ilandelwa yi Hollywoodbet Athletics Running Club, Phantane Athletics Running Club, kulindeleke ukuthi I-Xcel Running Club incintisane ne Nedbank Running Club eholwa yikhehla lomlungu Dave Adam’s.
U-Adam’s ubephethe Morena Tete Tijani ongumphetha amahlandla amabili nokunguyena ozoyivikela Comrades Marathon. U Edward Slender “My Kaptain” Mothibi, Daniel Matshailwe, Joseph Manyeni, Onalenna Khonkhobe noGalaletsang Mekgoe, umangabe bezoqinisa abasubathi be-Xcel Running Club khona amagolide abazobuya nawo ku Comrades Marathon ne Two Oceans Marathon. Khona manjalo Fanakhe Ngubane wase Mabomvini eMsinga, Lungelo Khumalo, Mthandeni Msomi, Thokozani Mbambo kulindeleke ukuthi baqhubeke nokuqeda iComrades Marathon.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
