
UZizi Kodwa ongungqongqoshe wezimidlalo eNingizimu Africa, usolwa ngokuqoka ibhodi le Boxing elisha ngaphandle kokulandela umthetho wokuqoka lelibhodi. USihlalo wabahleli bezimpi eNingizimu Africa, uAyanda Matiti Xaba, wabhalela ungqongqoshe uKodwa ngolkhu kepha akwenzekanga lutho ngalokhu, kumanje akekho umuntu osebenzayo ku BSA ngenxa yokuthi lobuholi abuqokayo abukho emthethweni.
Ngalokho usedale umonakalo omubi kakhulu uZizi Kodwa njengoba engayiqondi kahle yokuphathwa kwesibhakela njengoba uvele wasebenzisa amandla epolitiki lapho kungadingekile khona.
Kumanje kumile ukusebenza emahhovisi eBSA, amalayisensi awavuselelwe , izimpi aziqhubeki, kumanje amabhokisa awazitholi nhlobo izimpi, okusho ukuthi kunzima ukuziphilisa ngoba kuwumsebenzi kuwona, nokumanje amabhokisa alambile nemndeni yawo. Kumanje khona izimpi ezibhuntshile ngenxa yokuthi akukho muntu osebenzayo ehhovisi le BSA.
Lenhlangano ye BSA ayisebenzi kahle nhlobo selokhu kwathi nhlo ngoba lenhlangano ikhungethwe yizimpi kwabaphethe kanye nenkohlakalo kanti nohulumeni ungena agamanxe njengoba nguyena onamandla amaningi okuqoka iziphathi mandla kuyona.
Kumatwayi twayi ku BSA ngenxa ka Zizi Kodwa ongungqongqoshe wezimidlalo eNingizimu Africa. UZizi Kodwa waqoka ikomiti lezamankomane, ngaphandle kokulandela umthetho wokuqokwa kwebhodi entsha mangabe kuphuma endala.
USihlalo wabahleli bezimpi eNingizimu Africa Ayanda Matiti Xaba nethimba lakhe baphikisana nokuqokwa kwebhodi elisha ngoba bekhalaza ngokuthi laqokwa ngendlela engamukelekile nhlobo. Loludaba luyinzukayikeyi njengoba seluphuma ePhalamende, lafika nakhona labisha ngenxa yokuthi umthetho abawazi oqondene nokuqokwa kwebhodi.
Lomdonsiswano usudale umonakalo omkhulu kakhulu njengoba lenhlangano ingenabo ubuholi obukhona emahhovisi. Njengoba kukhona izidingo zamabhokisa nonondweba, abahleli bezimpi, izimenenja, abaqeqeshi, kanti kumanje kumele ngabe kuvuselelwa amalayisensi amabhokisa.
Khona izimpi ezibhuntshile ngenxa yokuthi akukho muntu osebenzayo ehhovisi le BSA, kodwa abaholi babahleli bezimpi bagqigqa izinkantolo nohulumeni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
