
Umlandeli we Kaizer Chiefs usekhiphe isitatimende sokuxolisa kubathandi bebhola nabantu base Ningizimu Africa. “Ngicela ukuxolisa esizweni sakithi eNdlukulu yesiMabomvini nomndeni wakwa Motaung nabalandeli be Kaizer Chiefs nabalandeli bezemidlalo eNingizimu Africa. Ngicela ukwehlela ngenzansi ngiphinde ngizithobe.
Mangicabanga okwenzekile akubanga inhloso, kodwa bengeyona indelelo kubantu base Ningizimu Africa. Lento yenzeka ngokuthi besijovana nabanye abafowethu engisebenza kule
embonini yamatekisi. Ngakhuluma kambana ngoba ngijovana nalaba abanye,lomfo we Gagasi Fm wafika kimina ngisadinekile njengoba besiphendulana nge Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns FC.” kuqhuba u
Kube buhlungu kimina nomndeni wami nabafowethu ngalenkulumo. bangisolile abafowethu bangicela ukuthi ngixolise njengoba phela sikhuliswe ngenhlonipho.
Ngicela ukuthi sibambisane njengabalandeli bezemidlalo . mina kudala ngisebholeni kusukela ngisemncane ngilandela iKaizer Chiefs. uyabona ngiyakhumbula ukuthi iKaizer Chiefs iyona eyaqala ukuthi abadlali bayo babebaningi ku Bafana Bafana.
Mangabe ubheka iqembu lesizwe lase Spain lakhiwe ngabadlali be Barcelona ngesikhathi benqoba indebe yomhlaba eNingizimu ngo 2010.
Ngabona iqembu lesizwe lase Germany lakhiwe ngabadlali be Bayern Munich. ngicabanga ukuthi abanye baphatheka kabi. Ngithi ayidle izishiyele kunina bafowethu nodadewethu.
Iqiniso kukhona izikhathi zobunzima ezimpilweni zethu bantu. okubi kuyasehlela ngokungenhloso yethu kodwa ngenxa yempilo esiphila kuyona.
Abaningi bacabange ngokuthi benginenhloso ngenkulumo ye Bafana Bafana kanqa bengenhloso.
Lixoshwa libhekiwe bafowethu nabodadewethu bengesiyona inhloso. kodwa kwahleleleka ulimi kungenhloso.
Nami ngilibonile iphutha engilengehlele ngingaqondile.ngicela ukuthula noxolo kubalandeli bezemidlalo eNingizimu Africa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
