
Kulomjikelezo wesibili we Dstv Premiership ngoba umqeqeshi uCavin Mthakathi Johnson uvale ngegiya eliphezulu futhi ukholwa ukuthi iqembu le Kaizer Chiefs lizobanzima kakhulu. Usesitholile isikhathi sokuba nabo ngokwanele. “Ngicabanga ukuthi bazilungiselele kakhulu ukudlala ne-Orlando Pirates ne Mamelodi Sundowns FC.” kusho uCavin.
Labadlali anabo eqenjini ngabadlali abazomdlalela kakhulu ,ngoba abanye bajabulile ngenxa yokuthi basanda kuvuselela izinkontileka ne Kaizer Chiefs. Abadlali abafana no Brendon Petersen ongunozinti, Nkosingiphile Ngcobo kanye noBruce Bvuma.
Leliqembu le Kaizer Chiefs seliqede iminyaka engu 10 lingayazi inkomishi nhlobo njengoba liqeda isizini lidonsa kanzima. Kubukeka kungekho ukuthula kubadlali abadlalela leliqembu labafana bokuthula noxolo.
Abanye abalandeli bathi abasalibuki nhlobo mangabe lidlala ngoba libalimaza izinhliziyo kanye ngomphefumulo njengoba alisenawo isithunzi sobukhosi.
Kubukeka lesizukulwane se Kaizer Chiefs sinhlanhlatha ngoba singahambi nhlobo kwisizukulwane so Kaizer Motaung, Pule Ace Ntsoelengoe Tennege Dladla, Doctor Khumalo, Donald Ace Khuse, William Shongwe, Botende Eshele, Rudolf Seale, Ntsie Maphike, Neil Tovey, Lucas Rhoo Radebe, Able Chacklas Shongwe, Brain Baloyi, Rowen Fernandes, Simphiwe Tshabalala, Renilwe Yeye Letsolonyane, Tenashe Nengomashe no Knowledge Musona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
