Ubona ishobolo ngokuphelelwa ngumsebenzi

“Angiphathekile kahle kumanje ngoba angazi ngizowuthathaphi umsebenzi ngoba bengithi izinto zami ziyahlangana kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya.” lawo ngamazwi omdlali UKudakwashe Mahachi ongumdlali owadlala esesiswini emaqenjini aseNingizimu Afrika naseqenjini lesizwe laseZimbabwe.

“Ngicabanga nokuthi ngiliyeke ibhola ngivele ngikhohlwe yilona ngoba alisangisebenzeli mangabe kunjena. Kodwa ngisola nomsamo wami ukuthi awukho kahle ngehlelwa yizinto ezibuhlungu zodwa.” kuqhuba lomdlali.

“Ngashelwa yingane ngahlukana nonina wayo, ngaphelelwa ngumsebenzi ku Super Sports United manje ngabhuquza ekhaya iminyaka embili yonke. Ngathi mangithola umsebenzi ngasebenza izinyanga eziyisithupha waphela umsebenzi.

Kunzima ukudlala eGhana Premiership League ngoba akufani nokudlala ku Dstv Premiership okulula ukudlalakuyona, ngoba namaqembu abaphatha kahle abadlali. Ibhola lase Africa kumele liphuculwe liphinde lithuthukiswe kahle.” kunanela lomdlai.

“Ngezindlela eziningi njengezinkundla azikho nhlobo esimweni esihle ukuphathwa kwamaqembu. Mangalithola ithuba ngabuya ku Dstv Premiership ngoba ngiyayiqonda indlela yokudlala khona kusho Mahachi” ephetha.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.