Sihaqhwe izinkinga isikhungo sezemfundo ephakeme, iDUT

Abafundi baseDUT ophikweni lwaseMgungundlovu eNdumiso, bakhala ngobunuku obusezindaweni zangasese nezindawo zokugezela kulesikhungo semfundo yamabanga aphezulu KwaZulu-Natal. Ngokubika kwalabafundi bathi inhlanzeko ayibonwa kulesikhukho ezindlini zangasese kanye nezokugezela, ngoba kuze bezebesebenzise amakhathoni, ophaqa noma omata waphansi uma begeza.

Abafundi bakhala ngokusabela izimpilo zabo zabo ngoba bengase bathole izifo ezithathelanayo ngenxa yokungcola nokuxhimfika phansi. Kusolwa ikampani eqashiwe engawenzi umsebenzi wayo ngendlela efanelekile.

Kubikwa ukuthi sekukaninga izikhalo ziqhamuka kubafundi bezibhekise kubaphathi beDUT ngokungahlanzeki kwezindawo zokuhlala, kodwa izikhalo zabafundi bazishaya indiva. Lesikhungo singezinye sezikhungo esinabafundi abaningi eningizimu afrika kodwa sihaqhwe izinkinga eziningi eziningi, okufaka ukungabi bikho kwagesi nosekwenze ukuthi abafundi bapheke phansi ngomlilo wezinkuni.

Lokhu kwengeza kakhulu enkingeni ehlale ibhekene nabafundi bamabanga aphakame yokuswela indawo yokuhlala njengoba kukhona abafundi abalala ehholo nase matendeni ngenxa yokungabi bikho kwezindawo zokuhlala. Kuphinde kwahoxhiswa ukufunda obekumele kuqale ngomhlaka 12 kulenya ngenxa yezinkinga ezikhungethe lesikhungo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.