
URowen Williams ongukaputeni weBafana Bafana uthi bazowuguqula umlando ophakathi kwe Bafana Bafana ne Nigeria ku African Cup of Nations namuhla ebusuku, njengoba iNigeria yagcina yehlule iBafana Bafana.
UWilliams uyavuma ukuthi ukuguqula lomdlalo kuzoba nzima kakhulu kodwa bazolwela ukunqoba kulomdlalo. “Ngicabanga ukuthi ukubambisana njengabadlali nabaqeqeshi sizowunqoba lomdlalo” kusho uWilliams. Kulindeleke ukuthi abadlali base muva abafana no Mothobi Mvala, Grant Kekana, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba bayibambe ishisa kulomdlalo kanti bonke labadlali badlala ndawonye njalo eqenjini le Mamelodi Sundowns FC.
Umsebenzi wabadlali baseswini abaholwa ngu Teboho Mokoena, Siphephelo Sithole, Themba Zwane, Thapelo Morena, kulindeleke ukuthi bakhonye eswini ngomjiko oyaphambili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
