Ukholwa ukuthi uzolivika izembe ngabadlali abasayinile

Enerst Middendorp ongumqeqeshi we Cape Town Spurs ukholwa ukuthi uzolivika izembe ngabadlali abasayinile. “Abadlali bethu abasha bakuqonda kahle ukuthi silwela ukuvika izembe kuphela, bonke abadlali bakhombisa ukubanco ejimini njengoba leliqembu lisebenza ngokuphindiwe.” kusho lomqeqeshi.

Abadlali abaningi njengamanje ngabadlali abancane kodwa abavuthiwe, badinga ukuthi bahlangane maduze. Iqiniso kunzima ngoba abehli nhlobo ubuthongo ngalendawo esikoyona.

Kodwa nginethemba ukuthi sizobuya ngamandla njengoba amathemba nginawo wokuthi sizonqoba lenkinga. Enerst Middendorp unomlando omude kakhulu ngokuvikisa amaqembu izembe.

Njengoba usesize amaqembu amaningi afana no Maritzburg United, Bloemfontein Celtic, Free State Stars, Golden Arrows, namanye phesheya kwezilwandle.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.