
Umqondisi woMnyango waKwaPublic Works ohlelweni lwe-Extended Public Works Programme (EPWP), akawuvalanga umlomo ebabaza ikhono nokuzimisela kwabaqeqeshwa uMasipala wesiFunda uMzinyathi ohlelweni EPWP eNquthu.
Ngesikhathi eyohlola ukuthi EPWP eMzinyathi uqhuba kanjani, UMqondisi uNondumiso Mahlaba, uvakashele i-uMzinyathi Carpentry project eNquthu. Okufike kwamjabulisa kakhulu ukubona umsebenzi omuhle owenziwa eMzinyathi, abantu banikwa amakhono azobaphilisa ngisho bengaseyona ingxenye yohlelo.
“Lapha kwakhiwa ama-ironing board ,amakhabethe nama-coffee table, into engicela bayenza kusuka manje ukuthi basizwe lababantu bavuliswe i-co-op, benza netafula edolobheni baqale badayisa lomsebenzi wabo. Kumele luthi luphela uqeqesho oluyinyanga eziwu-12 sekukhona abanakho esikhwameni abazosebenzela phezu kwakho uma sebezimela,” kusho uNkz Mahlaba.
Ugcizelele ekutheni okwenziwa uMzinyathi yikho abafisa bonke omasipala abanalolu hlelo bakwenze, ukunikeza abantu amakhono okuziphilisa. “Laba ngeke baphinde balambe uma sebekwazi ukuzisebenza kanje,” esho. Udlulele kwabasika utshani nalapho efika akhuthaza nabo ukuba kuphela uhlelo sebesukumile bavula izinkampani ukuze bazisebenze.
UMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi u-Ald PMS Ngubane uthi bayakuthokozela ukufika kukaPublic Works ukuzohlola umsebenzi. Uthi ukunikeza abantu uqeqesho bakwenza ngoba bebona ukuthi imisebenzi kayikho ngakho kuhle ukunika abantu amakhono okuziphilisa.
“Abanye esabaqeqesha la bayathunga imifaniswano yesikole kumanje, abanye bakha amakhabethe baqasha nabanye kudaleka amathuba emisebenzi,” kusho uMhlonishwa Meya.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.






