
UGabadinho Mhango ongumgadli we Moroka Swallows FC usevumile ukwehlisa umholo, lomgadli wase Malawi nguyena obhekwe ukuthi aqhamuke namagoli njengoba leliqembu lisanda kuhlukana no Tshegofatso Mabasa obuyele ku Orlando Pirates.
Njengoba iqembu le Moroka Swallows FC libhekene nesimo esibi sezimali, leliqembu lisanda kuxosha abadlali abangu 23 ngo Andile Jali. Imidlalo ye Dstv Premiership izoqala ngomhlaka 13 February manje iqembu le Moroka Swallows FC lizobhekana nomqansa ongagitshelwa mbongolo njengoba lizodlala ngabafana abancane abadlala ku MDC.
Leliqembu lezinyoni lisanda kuhlukana nomgadli we Orlando Pirates obebolikisiwe Tshegofatso Mabasa noyisize kakhulu emdlalweni yokuqala njrngoba eyishayela amagoli amaqoka, lomgadli ugcine eshiyile kuleliqembu ngenxa yokuntuleka kwezimali njengoba abadlali abaholi baze babamba isiteleka sokungakhokhelwa.
Abadlali abaningi abashile kuleliqembu basahlezi emakhaya baqalaza umsebenzi kwamanye amaqembu.
Iqembu le Moroka Swallows FC lidonsa kanzima ezimalini. kodwa abaphathi balo basathule kulamalanga njengoba sekuzoqala imidlalo ye Dstv Premiership.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
