
Sithelekile namuhla Isitimela sezempilo sakwa Transnet eMgungundlovana. Lesitimela esibizwa nge Phelophela Healthcare Train sitheleka namuhla lesitimela siphuma Newcastle.
Sizofikela elokishini lase Nhlalakahle namuhla kanti kulindeleke ukuthi usekela Sodolobha wase Mvoti uNtombi Ngubane ahole amakhansela nezikhulu zikamasipala. Lesitimela sizofikela ngase esibhedlela iGreytown Hospital lapho sizotholakala khona njalo, njengoba sihamba nodokotela namanesi.
Lesitimela sezempilo sizohlala amaviki amabili kusukela mhlaka 5 kuze kube ngumhlaka 16 knati okhulumela umasipala wase eMvoti uSamke Ngubane unxusa izakhamuzi zonke zase eMvoti. ukuthi ziqaphele izinsuku zokuza kodokotela njengoba kuhlukene ngama wardi.
Abasebenzi bezempilo bazolapha izifo eziyinhlobo nhlobo ezahlukene njengoba kuzosizakala kakhulu abaphethwa yizifo ezingamahlala khona. Ogogo nomkhulu bazohlomula kakhulu kulesitimela sezempilo njengoba kuzolashwa izifo ezifana namehlo, ushukela, ukukhansela, nohlolwa, ikhensa, amazinyo, abafuna izibuko zizotholakala ngemadlana encane R30 nodokotela bamazinyo bazoba bekhona wona abiza R10 kuphela, iconsi lamehlo lona libiza R5, ungaphuthelwa yilesitimela ngoba siletha kuwe usizo lezempilo nomasipala wase eMvoti mahhala.
Uhlala lamaWadi azoqala ukubonana nodokotela ami kanjena ngomhlaka 5 kuya mhlaka 12 kuzoqala abahlali baka wardi 7 , wardi 9, wardi 10.
Ngomhlaka 13 kuqala lamawadi ngu wardi 1 wardi 2 kuphela. Ngomhlaka 14 ngu wardi 3 wardi 4 wardi 13, eLilani,eShane, ngomhlaka 15 kulama wardi 4 Sinyambothi, Mthiyaqu, Kwasizabantu, ward 5,ward 6 wardi 8 ngomhlaka 16 wardi 11, wardi 12, wardi 14.
Kunxuswa ukuthi izakhamuzi zilande amathikithi okubonana nodokotela ngehola lesithupha ekuseni 6:00 ngoba odokotela bazoqala umsebenzi ngehola lesikhombisa 7:00 ekuseni. kunxuswa ukuthi izakhamuzi ziphelezele abantu abadala nabahlala ngabodwana emakhaya ukuze bangasali kulomtholampilo ngoba lesitimela sifika kanye enyakeni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
