
USodolobha waseDumbe, ukhansela Sibusiso Mkhabela, uthwese uphaphe legwalagwala kwabenze kahle kumatikuletsheni ka 2023, okubalwa othisha kanye nabafundi bezikole zakulomasipala. Emcimbini wokubungaza ukusebenza ngempumelelo kukamatikuletsheni obuthanyelwe izikhulu ezahlukene zomphakathi, uMeya Mkhabela ubehambisana noSomlomo uKhansela DJ Nhlengethwa, uKhansela we Ward uThulebona Mthethwa, INkosi yakwaMthethwa, Othishomkhulu bezikole, kanye nohlaka lwezingane eNhlengethu.
Umeya uMkhabela uthi injongo yalo mcimbi ukubungaza noma okabafundi abasebenze ngokuzikhandla ukuze bephase kahle umatikuletsheni ka 2023. Kulomcimbi abafundi baklonyeliswe ngezindondo, imali kanye nezitifiketi zezifundo abaziphase ngamalengiso. Kuphindwe kwadonswa ngendlebe labafundi ukuthi baziphathe kahle ukuze bekwazi ukufeza amaphupho abo ngendlela efanele.
UMeya uMkhabela, uphinde wagcizelela ukuthi abafundi bakumatikuletsheni abasondele eMkhandlwini kwihhovisi lakhe ukuze bekwazi ukuthola imali yokuyobhalisa ezikhungwini zemfundo ephakeme.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.








