
UMasipala wesiFunda uMzinyathi uhambele kuWadi 6 kwaJiza, eMsinga ngaphansi kukaMhlonishwa Khansela P Dladla ukuyohambisa i-generator eyacelwa ikomiti labalimi balendawo ukuze basizakale ekuphembeni amanzi amasimini abawalimayo. Imeya yesifunda uMzinyathi u-Ald PMS Ngubane, uthe lomphakathi waseJiza ubulima phambilini futhi ufuyile kodwa ngenxa yezinkinga okubalwa kuzo ukushoda kwamanzi baphelelwa umdlandla.
“Uma sebevuka bezithatha bebhala incwadi becela ukusizwa nge-generator sithe ngeke singasukumi. Namhlanje silethe le-generator futhi kukhona ithimba elizofika la lizobanikeza izimbewu nocingo lokubiya. Sizophinde sibaxhumanise noMzinyathi Development Agency okuwuphiko lwethu lezolimo ukubalekelela ukuya phambili.
UKhansela Dladla ubongele kakhulu ikomoti labalimi ngokufezekiswa kwephupho labo uMasipala uMzinyathi. Uphinde naye wagixabeza abafuyi balendawo ngediphu elisusa amakhizane emfuyweni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
