Seziqalile izinhlelo zomkhosi waseSandlwana

Ube yimpumelelo umhlangano wokuqala wokuhlela umkhosi waseSandlwana obubanjelwe kuMasipala wesiFunda uMzinyathi namhlanje. Lomhlangano obuhlanganisa omasipala abane abangaphansi kwesiFunda uMzinyathi kanye nabantwana baseNdlunkulu, namakhosi. Kuvunyelwane ngazwi linye ukuba lomkhosi ube mhlaka 27 January 2024.

Kuningi okuhlalukile kulo mhlangano okubalwa ukuthi indawo yaseSandlwana ukuthi yenziwe i- World Heritage Site. Kwavela nokuthi kulo mkhosi walonyaka kuzokwenzeka okuhlukile njengoba iSilo samabandla onke iSilo Misuzulu kaZwelithini KaBhekuzulu siphakamise ukuthi kubuthwe nabafana abasebancane ukuze bakhuliswe besebancane ngamasiko kanjalo nokuziphatha. Leli butho elincane kulindeleke ukuthi libe yingxenye yebutho elizoba seSandlwana kulo nyaka.

IMeya yesiFunda uMzinyathi uAld PMS Ngubane ithe njengoMzinyathi bayaziqhenya ukuthi iSandlwana okwaqopheka kuso umlando onje isendaweni yabo. “Sithokoze kakhulu ukuthi abantwana baseNdlunkulu banyathele la eMzinyathi futhi sinethemba elikhulu ukuthi zonke izinhlelo zalo mcimbi sizohamba kahle kuze kufike ekugcineni. Umhlangano olandelayo wokuhlela umkhosi waseSandlwana ozolandela uzoba maduze osukwini olusazomenyezelwa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.