
Kuqhuma phezulu iphunga lemibola yezidumbu, esibhedlela sase Manguzi. Lezidumbu ezingalandiwe ngabaninizo ngokuthola komthombo otshele IBUNDA IZINDABA, lezidumbu sezidale umonakalo omkhulu lapha esibhedlela. Njengoba iphunga ulizwa uqhamuka lena kude, livele linqamule amakhala, kodwa abasebenzi ngaphakathi basezidunjini sebakwamukele, ukusebenza ngaphansi kwalesimo.
Labasebenzi bakulendawo badlela khona kanti abaphathi bayalwazi udaba kodwa abalishayi mkhuba. IBUNDA IZNDABA, lizamile ukushayela abaphathi besibhedlela kodwa ucingo belukhala lungabanjwa kushaye isikhathi sokushicilela bengatholakali.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
