
Umqeqeshi we Cape Town City Eric Tinkler ubalisa ngomdlali wakhe wasemuva uThabo Mokeke. Lomdlali uyinsika eqenjini le Cape Town City, ngoba udlala kuzozonke izindawo njengoba ekwazi ukudlala emuva, ngasohlangothini lwesobunxele futhi aphinde ayibambe enkabeni yenkundla. Lomdlali walimala emdlalweni weCarling Black label Knockout Cup ngesikhathi Cape Town City idlala ne Golden Arrows.
Lomqeqeshi uphumele obala ngomuzwa anawo ngalomdlali, ngizibona ngizoba nenkinga enkulu ngalembobo, evulekile ngoThabo Mokeke ngoba ngumdlali ozimiselayo nomqoka eqenjini le Cape Town City. Lomdlali uzoqeda isizini engadlali, Mokeke wazakhela igama ebholeni elikhokhelwayo ku Super Sports United.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
