UVusumuzi Vilakazi uzosenzisa ikhefu le Afcon

UVusumuzi Kanu Vilakazi ubona ikhefu lemidlalo ye Afcon lizomsebenzela ukulungisa iqembu le Richard Bay FC. “Ngizoqala ngibophe lapho kuxega khona futhi ngizoba nethuba elihle lokuqondisa lapho kunobugwegwe khona. Abadlali bethu bayakuqonda ukuthi kumele badlale esigabeni esikhokhelwayo nangesizini elandelayo 2024 /25. Kuzomele sisebenze ngokuzikhandla, wonke umuntu eqenjini khona makuqhamuka ithuba lokusayina abadlali abambalwa, ngabasayina ngoba kukhona izindawo ezixegayo.” kusho uKanu.

Lomqeqeshi osanda kuthatha izintambo ku Kaitano Tembo, usanda kunqoba umdlalo wakhe wokuqala engumqeqeshi we Richard Bay FC ngesikhathi ethela othulini iSuper Sports United. Leliqembu selidlale imidlalo engu 16 linamapuzu engu 13 lilele endaweni yesibili ngasemsileni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.