
Utumeleng Khune usemenyezelwe njengoba Kaputeni weqembu lePSL All Stars elizobhekana neStellenbosh FC, emdlalweni we Carling Black label Knockout Cup. UKhune ukhethwe ngabalandeli bebhola kanti kuzokhumbuleka ukuthi uKhune usagwetshiwe yiqembu lakhe iKaizer Chiefs njengoba yamthola necala lokutholakala enotshwala egazini lakhe. Leliqembu le Kaizer Chiefs like lazama ukumqanda ukuthi angadlali kelemdlalo weCarling Black label Knockout Cup ngoba nkhu lisamgwebile.
UKhune uphunyukile njengoba PSL nomgomo we Carling Black label Knockout uyamvumela ukuthi engadlala kulomgqudelwano. Lomdlalo uzomsiza kakhulu Khune ngokuthi ageze igama lakhe njengoba atholakala enotshwala egazini lakhe. Abalandeli beqembu le Kaizer Chiefs basakholelwa kulonozinti, owanqobisa leliqembu izindebe eziningi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
