
Osukwini layizolo uMhlonishwa uMeya uCllr Dr FJ Sikhakhane neSekela lakhe Cllr TB Mbatha,uSomlomo woMkhandlu Cllr SG Masimula nabahlonishwa besigungu esphezulu iExco, bebehambele umncintiswano wezikole zaseMsinga obizwa ngokuthi (Schools environmental Competition 2023) obuseFabeni kuward 11 ongaphansi kobuholi buka Cllr Ndebele.
Kulezikole eziyishumi nazo ebezihlungwe kumaWards awu21 angaphansi koMkhandlu waseMsinga.
Impela inkunzi isematholeni bekukuhle kudelile kuqhudelanwa ngamakhono engqephu, inkulumo mpikiswano kanye nezinkondlo. Lomncintiswano wonke ubumayelana nokufundiswa ngokubaluleka kokunakekela ezemvelo kanye nokuhlanzeka noma ukuqoqwa kwadoti ngenhloso yokuphinda uwusebenzise (recycle).
Kubeke sekukhethwa izikole eziyisihlanu(5) ezidle umhlanganiso okuyizona ezizoya kuma ( Matric excellence awards) Ngoyaka ozayo okuyi Mabizela kwaWard 6, Bhekabantu ward 16, Jajile ward 2, Nyoniyezwe ward 13 naMahlokohloko ward 14.
Oyidla umhlanganiso kulezikole oyophuma unamba 1 uyothola imali ewu R20 000
No 2- R 15 000
No 3-R10 000
No 4 -R7 000
No 5- R 5000
Abafundi abenzekahle bakonyeliswe ngezinto zokufunda njengamapeni nezichaza mazwi(dictionaries) nokunye nezikibha zesikole. Izitifiketi zitholwe yizikole zonke ebezibambe iqhaza.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
