
Inkosi yesizwe sakwaButhelezi eMahlabathini Mangosuthu Buthelezi okhothame mhla ziyishiyigalolunye (9)kuMandulo kulonyaka,iZolo ibamba bukhosi lakwaButhelezi Mnz Mpikayise libize Zonke izindlu zikaNgqengelele ukuba zihlangane kwaphindangene ziyophakamisa ikhanda lendlu yamashenge.
Nakuba kube nesikhalo sokuba abanumnuzane bendlu kaZidunge kaNgqengelele eNsukangihlale abakaze babizwe kulombuthano wamashenge ,iGula lihoshe ukuthi konke lokhu kweziwe ukungafuni ukuzibandakanya nendlu yakwabo ekuShumayeleni ebukhosaneni bakwaButhelezi kumanje akaze bahambe beyokhala njengomuzi wakwaButhelezi.
Indodana yoMntwana wakwaPhindangene uMntwana Maphikelela Zuzifa Buthelezi Nguye ozolandela uyise kwesobukhosi,izindlu Zonke ebezikhona zivumelene ngongelethu.
Izindlu Zonke zenkosi kubikwa ukuthi bezikhona njengoba neMpithimpithi Kanye neMbongombongo ibikhona lapho kuzolungiswa indlu kaNgqengelele Buthelezi owacosha IFA lobukhosi ngenxa yokuba yiqhawe leSilo sakwaDukuza uShaka kaSenzangakhona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
