
Uma sizowabeka eceleni amadili ebhizinisi nazo zonke ezinye izinto esingazazi…amathenda kepha lombono ngifisa ukuveza olwami ngoba asibazibenzani.
Abo-Sodi yilaba osomabhizinisi abamnyama abathola amathenda ngaphansi kukahulumeni we-ANC ngakho ingxenye yezinto abazenzayo wukubuyisela emiphakathini. Baningi osomabhizinisi abamnyama abasiza i-ANC, iminyaka eminingi, futhi ababangabangi msindo ngalokho. Abanye bakhokhela abafundi emanyuvesi, basekela amakhishi esobho omphakathi njll.
Kodwa into enkulu bekuwukusiza umkhankaso we-ANC njongokhetho, imibuthano, ngakho-ke babekhona ukuzothuthukisa i-ANC uma isiwa, okuyinto evamile, futhi kwakudingeka bayigcine isemandleni ukuze abantu baqhubeke nokuvota. Kusukela ngowezi-2018, ibhizinisi labamnyama laqala ukunganakwa, empeleni; banqanyulwa ohlelweni lwezomnotho.
Kwenzekani ngemva kwalokho? I-ANC yaqala yawa, yehluleka ngisho ukukhokhela abasebenzi, irenti, abo-Sodi bahlaselwe, babekwa amacala, baboshwa. Abanye badonse ngaphandle kwadingeka balale phansi ngoba babejahwa.
Balahlekelwa amadili amabhizinisi, bavalelwa ngaphandle, into engakaze yenzeke ngaphansi kukaMengameli Zuma ngoba wayekholelwa ekufukuleni abantu abamnyama ukuze bonke laba somabhizinisi basize umphakathi obhekene nobubha.
Yingakho behlanganise udaba luka-Ace Magashule noSodi. Uhlelo bekuwukucekela phansi wonke umuntu omnyama owayedlala indima yakhe ku-ANC ukuze aqhubeke nokuhlakaza i-ANC
UMbono ka-Emmanuelle Zungu – Port Shepstone
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
