Izikhulu ze-EEF kumele zixolise kuMongameli u-Ramphosa

Izikhulu eziyisithupha ze-EFF okuhlanganisa nomholi weqembu uJulius Malema kanye nesekela lakhe uFloyd Shivambu ziyalelwe ukuthi zixolise kuMengameli Cyril Ramaphosa ngokuphazamisa inkulumo yakhe yesizwe.

Esinqumweni esilandela isigameko sokuphazamiseka kweSona sango-2023, amalungu ayisithupha e-EFF ayalelwe ukuthi axolise kuMengameli Cyril Ramaphosa.

Lo myalelo umayelana nesigameko sangomhla ziyisi-9 kuNhlolanja (February) lapho uJulius Malema, Floyd Shivambu, Marshall Dlamini, Sinawo Tambo, Vuyani Pambo, noDkt Mbuyiseni Ndlozi begibela esiteji eCape Town City Hall, lapho uRamaphosa ayethula khona inkulumo, nakuba Umyalelo kaSomlomo wePhalamende kuzwelonke uNosiviwe Mapisa-Nqakula wokuba baphume emhlanganweni.

UMapisa-Nqakula ube esekumisa ukuqulwa kwecala wacela abophiko lwezokuphepha ukuthi babasuse.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.