
Izakhamuzi ezihlala eThekwini KwaZulu-Natal zikhala ngomkhandlu wase eThekwini oholwa inhlangano ka ANC ngaphansi kobuholi buka Meya uMxolisi Kaunda. Kwaqokwa usonkontileka ukuthi alungise iPholisiteshi eseMakethe, kodwa kuze kube manje le ipholisiteshi ayilungisiwe.
Umangabe lina kugxaza amanzi ngaphakathi emahhovisi kanti namaphoyisa asebenza kanzima njengoba ehlala nenkunkuma yezibi elahlwa ngabantu abahlala emakethe. Lendawo yase-Makethe eThekwini yindawo enabantu abaningi njengoba kutholakala izinto ezining okubalwa izintshalo nemithi, kukhona nezitolo ezinkulu, kodwa ingcole iyaphuhluka ixathuka udoti.
Abasebenzi bokamasipala bagcina icala njengoba umsebenzi abawenzayo ungagculisi, mangabe uhambela ngaphakathi enkabeni yeTheku ubona ukungcola okumangazayo ukuthi ngabe umsebenzi woMkhandlu wase eThekwini yimuphi, lelidolobha belithandwa kakhulu ngabantu abayizivakashi kodwa manje, bancamela ukudlula eThekwini balibangise eMagate bayoshaywa ngumoya khona
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
