
Ilokhu iqhubekile njalo futhi isiza ngawala intuthuko kuMasipala wesiFunda uMzinyathi kuyoze kuzonde umthakathi njengoba namhlanje lo masipala wethule ngokusemthethweni uhlelo lokufakwa kwamanzi oluzodla isamba sika-R44. 5 million oGunjana. eMsinga
Lomsebenzi owethule oGunjana owethulwe uMeya kaMasipala wesifunda uMzinyathi u-Ald PMS Ngubane uzohlukaniswa kabili njengoba uhlelo lokuqala luka-R21.4 million lufaka ukufaka kwama-borehole amabili , pump station , ukuxhunywa Kwamapayipi nompompi. Kulolu hlelo iwu-384 imizi ezophuza amanzi.
Uhlelo lwesibili lufaka ukufaka kwama-reservoir amabili, ukuxhunywa kwamapayipi, nompompi abawu 10 kanti abantu abazohlumula kulolu hlelo bangaphezulu ku-2000.
Imeya ithi lo msebenzi uzophinda udale namathuba emisebenzi kubantu bendawo
IMeya iphinde yanxenxa abantu ukuba basenzisana nosonkontileka kungabi khona kuphazamiseka komsebenzi.
Ngesonto eledlule bekwethula uhlelo lokufaka amanzi KwaMazicentele eNquthu esamba sikaR34.8 million. Namhlanje kwayisoGunjana.
NgoLwesihlanu kubuyelwa khona eMsinga, kuvulwa amanzi eNkobongweni, kuthi ngesonto elizayo avulwe eZimbubeni khona futhi eMsinga.
Thuthuka Mzinyathi
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
