
USheshe wafika uKhisimusi komuntuza bakuWadi 11, eMabomvini ngaphansi kwaMasipala waseMvoti, benzela uKhisimusi inhlangano engenzi nzuzo i-Umvoti Aids Council.
Labo muntuza bajabule ekuseni laze layazahla konina ilanga benza imidlala enhlobonhlobo, okubalwa ibhola, ijumping castle benziwa namakhanda mahhala baphiwa nezipho.
UNkz Sthuthukile Mchunu weMvoti Aids Council uthi bebengalindele ukuthi bangaba nesibalo esiphezulu kangaka sezingane njengoba zigcine ziwu-110 eziyingxenye yomcimbi.
“Sinqume ukuthi kulo nyaka siphume uKhisimusi wezingane siwenzele emakhaya ngoba laba bantwana bavamise ukusalela emuva ngoba bengakwazi ukufinyelela emadolobheni lapho sisuke sikhona.
Sibonga kubo bonke abasixhasile ukuze lomcimbi ube yimpumelelo,” esho.
IMeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi u-Ald PMS Ngubane nayo ibimenyiwe kulo mcimbi kodwa ngenxa yokuxinwa umsebenzi yangakwazi ukuphumelela yathumela umnikelo wayo.
Iphawula ithe izingane zisenhliziyo yayo.Ibifisa ukuba kanye nazo njengoba zona zingavamisile ukujatshuliswa. Siwumasipala siye sigxile kuKhisimusi wabadala kodwa uma livela ithuba lokujabulisa omuntuza besingeke singasondeli,” kusho iMeya.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
