Ahoxisiwe amacala abekwe udokotela mbumbulu uBongani Lani ( uDkt Matthew) ngenxa yokushoda kobufakazi.

UBongani Lani owaziwa ngelika Dkt Mathew kuTik Tok utholwe engenacala. Isithombe: X

Ahoxisiwe amacala abekwe udokotela mbumbulu uBongani Lani odume ngelika (Dkt Mathew) ngenxa yokushoda kobufakazi, ngemuva kokuboshwa esibhedlela i-Helen Joseph Hospital, ngokuzama ukungena esibhedlela ezenza udokotela wabe eseshaqwa onagada basbhedlela.

“Ngeke ubekwe icala lokuqamba amanga. Ukuqamba amanga akulona icala,” kusho okhulumela iNPA

I-NPA kudingeke ukuthi iwahoxise amacala ayebekwe uDkt Matthew, okuzenza udokotela kodwa iNPA ayikwazi ukulivula icala njengoba engekho ummangali othi welashwa nguye. Abameli bathi ubekwenzela ukuzijabulisa ngakho akukho monakalo owenziwe.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *