
Ubekwe endlini yakhe yokugcina uMnu.Muntukayise Ximba wase Msinga eMumbe emvakokuba sekube nesixakaxaka somndeni wakhe nomshwayilense abewukhokhela u DOVES
Lokhu kuvele emvakokuba umkhulu uMnu Ximba edlulile emhlabeni indodana yakhe yabe isibikela umshwayilense wakhe umkhulu okungu Doves lapho okube sekuba nokungaboni ngaso linye .
Lenkampani yabangcwabi kuvela ukuthi ibikhokhelwa uR390 ngenyanga nokuvele ukuthi umkhulu kulenyanga akadlule ngayo emhlabeni ukhokhe kathathu .
Ngesikhathi sekulandwe izimali zikamkhulu lenkampani yatshela abomndeni kamkhulu ukuthi imali ekhona ingu R6000 namanikinikana nokwabe sekuwumangaza umndeni uma bethi abezukubangcwabela,abezukubasiza ngamakhaza futhi abezukubanika nebhokisi
Umndeni uthe awuyifuni lemali ,kepha sebecela imali yonke ebikhokhwa umkhulu njengoba kuvela nokuthi umkhulu akasayinanga ndawo ngalokhu kudonswa kwemali yakhe nakathathu ngenyanga.
Umndeni wakhiya ihhovisi eliseDandi lalenkaphani base becela imali ngaphambu kokuba kuvulwe. Sibashayelile masithola udaba ukuze sizwe uhlangothi lwabo ,kepha kwacaca ukuthi abahambisani nokudingwa umndeni kamkhulu.
Ngokusho kukamzulu kamkhulu sekungokwesithathu lenkampani ibagila ,ike yathatha umzimba kagogo engajoyinile bayomlalisa phansi njengeailwane ,baphinda bafuna imali eku R10000 ukuze bangcwabe umfowabo kamkhulu uMntukayise Ximba .
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
