
UMnyango weziCishamlilo nezimo ezipohuthumayo kaMasipala waseThekwini usebenze ubusuku bonke ukulawula umlilo omkhulu ngesikhathi kusha ibhilidi kuMgeni Road wakwazi nokugwema ukuba usabalale kwamanye amabhilidi aseduze.
Ayikho imibiko yokulimala okanye ukunyamalala kwabantu.
Umnyango uthole ucingo cishe ngezithuba zabo-20h58 ngoLwesibili, 24 November 2026, kubikwa ngokusha kwebhilidi eliku-62 Umgeni Road.
Abezicishamlilo bafike bathola ibhilidi lisha ubuhanguhangu Umlilo usuvela ngophahla kwadingeka ukuba bangene ngendluzula njengoba bekuvalwe ngeminyango engama-roller shutter ukuze bakwazi ukufinyelela kumlilo bawucishe.
Kudingeke ukuba kusetshenziswe imishini emikhulu nezinye izinsizakusebenza ukubhula ilangabi ngokushesha.
Amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service, awophiko lwe-EThekwini Metro Police, amathimba akwagesi eDolobha kanye nabama-ambulensi bebekhona endaweni yesigameko.
Imbangela yomlilo isaphenywa.
Umasipala unxusa abanikazi bamabhizinisi ukuba baqinisekise ukuthi izicishamlilo, ama-alamu kanye nokufakwa kukagesi kusesimeni esihle, nokuthi izinsizakalo eziphuthumayo zingakwazi ukufinyelela ngokushesha ezindaweni zabo.
Umasipala unxusa uphinde wanxusa izakhamuzi ukuthi zibike imililo kanye nezinye izimo eziphuthumayo ku-Fire and Emergency Services ku-031 361 00 00, ngokushesha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
