
Kulindeleke ukuba avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseZakheni ngoLwesithathu amadoda amathathu kulandela ukudutshulwa kubulawe indopda eneminyaka engu-57 ubudala endaweni yaseNhlamuyo eZakheni ngoMsombuluko.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa aseZakheni afika ngokushesha endaweni yesigameko sokudubula ngomhlaka-23 November.
Ngesikhathi efika, afica indoda idindilize phansi namanxeba okudutshulwa, yahlonzwa njengseshonile khona endaweni yesigameko.
Uphenyo lokuqala luveze ukuthi le ndoda ihlaselwe ngabantu abathathu, kanti omunye wabo kuthiwa uzidubule ngephutha.
Ngesikhathi amaphoyisa efika, abasolwa ababili babalekile beshiya olimele ngemuva endaweni yesigameko, kanti kuthiwa la basolwa bebedubula bebhekise emaphoyiseni ngesikhathi bebaleka.
Amaphoyisa abe esebagijimisa, omunye wabasolwa walimala ngesikhathi eqa uthango ezama ukubalekela ukuboshwa.
Abasolwa baseshiwe, kwatholakala izibhamu ezinkulu ezintathu, isibhamu esisodwa esincane kanye nezinhlamvu ezingu-151.
Kuboshwe abasolwa abathathu abaneminyaka engu-30, 38 kanye no-39, ngecala lokubulala, ukuzama ukubulala, kanye nokuba nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
Abasolwa ababili abalimele bangeniswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole usizo lwezokwelashwa, klanti baqashwe ngamaphoyisa esibhedlela.
Kubukwa ukuthi abasolwa abalimele angeke babekhona enkantolo ngesikhathi owesithathu evele eNkantolo kaMantshi yaseZakheni ngoLwesithathu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
