
Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abathathu ababefunwa ngochungechunge lwamacala anzima nobudlova ePhoenix naseNanda ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa endaweni yase-Ezimangweni e-Amaoti ,e-Nanda ngoLwesithathu, 25 November 2026.
Abasolwa badubule kaningi bebhekise emotweni yamaphoyisa e-Nanda ngoLwesithathu ekuseni base bebaleka. Imoto yamaphoyisa isale ilimele kakhulu, yize kunajlo amaphoyisa awazange alimale.
Ngemva kwamahora ambalwa, i-Inanda SAPS Task Team ilandele abasolwa yabathola emzini abebecashe kuwo.
Kubikwa ukuthi kube sekuqhuma isibhamu abasolwa bedubulana namaphoyisa nokuyilapho abasolwa bashone khona.
Kutholakale izibhamu ezimbili kubasolwa.
Izibhamu zizoya kohlolwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi zisetshenziswe ekwenzeni ezinye izenzo zobugebengu KwaZulu-Natali noma kwezinye izindawo ezweni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
